abafana bayaxhaphazana
Shared by: banjani
-
Stats
- views:
- 4
- posted:
- 11/14/2012
- language:
- Unknown
- pages:
- 7
Document Sample


Bafana yekani ukuxhaphaza amantombazane! Uma sikhuluma ngegama xhaphaza , kusuke kukhulunywa ngento esentshenziswa wumuntu budlabha ngokungayicabangeli noma ngokungayizweli ubuhlungu, futhi lokho isikhathi esiningi uma kusuke kuphatha leligama xhaphaza, kusuke kwenziwa wumuntu osezingqondweni zakhe zonke okuwukuthi usuke ekuhlosile ukuthi asebenzise noma aphathe budlabha lokho akusuke ekuphethe budlabha ngalesosikhathi, okufaka phakathi ukuzwiswa ubuhlungu lokho okusuke kuxhashazwa. Izinto ezixhashazwayo kuvamise ukuthi zificwe yilaba abazixhaphazayo sezivele zikhona noma seziwumthamo obanakalayo okuwukuthi , umnikazi walokho okuxhashazwayo usuke esezincoma ngomthamo womsebenzi asuke esewenzile, okuwukuthi , lo msebenzi osuke uxhashazwa usuke uxhashazwa abantu abangawusebenzelanga nabangawuzweli ubuhlungu. Zininingi-ke nokho izinto ezixhaphazwayo lapha emhlabeni, isikhathi siyaxhashazwa, izimpahla ziyaxhashazwa, imali iyaxhshazwa, umsebenzi uyaxhashazwa, kanjalo nomuntu naye uyaxhashazwa. Isikhathi esiningi izinto ezixhashazwayo zixhashazwa ngoba zingakwazi ukuziphendulela noma ukuzilwelwa kulabo abasuke bezixhaphaza. Kodwa kukhona abanye abantu abazibeka bona engozini yokuthi baxhashazwe abanye abantu. Uma umuntu ezibeke engozini yokuxhashazwa, imvamisa indlela axhashazwa ngayo naye usuke kukhona akuzuzayo ekuxhashazweni kwakhe, kodwa okugcina ngokukhala nokugedla kwamazinyo uma umuntu ovume ukuxhashazwa engasakutholi abekulindele emveni kokuxhashazwa kwakhe ngokuvumelana nalo obemxhaphaza. Akuzona zonke izikhathi lapho umuntu oxhashazwayo akezwa ubuhlungu ngaso lesosikhathi exhashazwayo, kodwa kwesinye isikhathi, uxhashazwa ngendlela naye emthokozisayo, okuwukuthi imiphumela kuphela eba mibi. Leligama xhaphaza livamisile ukuzwakala livela kubantu besifazane beqonde ukuveza ukungethembakali kwabafana ikakhulukazi uma owesilisa ecela ukuba kwenziwe izivumelwano ezithize nalo wesifazane. Kumele angabe wonke umuntu uyaqonda ukuthi yonke into inomnikazi wayo lapha emhlabeni, ayikho into emane yazivelela nje kodw yonke into idaliwe, okusho ukuthi uma idaliwe, inomuntu owayidalayo, ngisho nemvelo eyaziwa ngokuthi izivelele inomdali noma umnikazi wayo. Kanjanlo-ke nomuntu unomnikazi wakhe akamdalile okuwukuthi umdalele ukufeza eyakhe inhloso ngaye lo muntu akamdalile. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo. Amahubo24:1 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, niyilo-ke nina. 1 KwabaseKorinte3:16-17 …nokuthi anisibo abeni na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu…. 1 KwabaseKorinte6:19-20 Uma umuntu edaliwe, kumele aphile ngendlela efunwa yilo adalwe nguye, uma kungenjalo , lokho kusho ukuthi sekuwuqala kokuxhashazwa kwalo onguMdali wakho. Uma into idaliwe yenza intando yalowo oyidalie, okuwukuthi; Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezwei uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. Ungabulali Ungaphingi Ungebi… U-Eksodusi20:12-15 Uma umfana ethanda intombazane efuna ukwenza ubuhlobo nayo akaceli ubuhlobo entombazaneni kodwa ubuza imigudu akangayilandela ukuze axhumane nomnikazi wayo ukuze ethule udaba, futhi naye akamane azihambele nje , naye ngoba unomnikazi wakhe, ubikela abanikazi bakhe bona ebese bemtshela imigudu efanele yokufinyelela kubo kwentombazane akayithandayo. Uma kwenzekile laxhoshwa libhekile intando yoMdali ithi: “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe. Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.” U-Eksodusi22:16 Akudlalwa ngothando uthando luyinto enkulu enenani elikhulu ukwedlula zonke izinto ezisemhlabeni, Umuntu odlala ngoTHANDO uyakujezela lokho ngoba uNkulunkulu uluTHANDO, uThando wuNkulunkulu uqobo lwakhe, okusho ukuthi kumele ucubungulisise kahle ngaphambi lokuthi ulikhiphe igama elithi thanda ikakhulukazi uma ulibhekise komunye umuntu, yingakho noJesu embuzakaningi uPetru ukuthi uyamthanda na. Uzokhumbula phela ukuthi uke wathi uyamthanda kwathi uma sekumele afe lapha kwakufa khona uJesu wamphika kathathu iqhude lingakakhali. Bangaki abantu abathe bathanda abanye, kodwa kwathi sebeshade nabo babajikela babadubula, abanye babashisa ngamafutha abilayo? Bangaki abathe bathanda abanye kwathi sebebamithisile baphika izingane ababamithise zona? Akesibuze kuwe- ke nje, wena uphi ubaba wengane yakho, Wenake iphi ingane yakho , njengobo usushade nomunye nje uphi lo wokuqala owammithisayo? Njengoba uhamba utshela abantu ukuthi uyabathanda nje uzoshada nabo bonke yini? Akudlalwa ngothando uma udlala ngalo uzokujezela lokho, kungcono ukusebenzisa elinye igama uma kukhona okuzwayo emizweni yakho noma enhliziyweni yakho kunokuthi usebenzise igama THANDA. Igama THANDA liyinto okungeke kudlaleke ngayo ngoba ayilona ithoyizi , Noma nakha ubudlelwano benu akumele nidlalele ngakuleli gama, ngoba akunandaba ukuthi ubudlelwano benu lobo ukuthi buphakathi komuntu omncane nomancane , omdala nomncane , noma omdala nomdala, kodwa ezintweni ezisetshenziswayo ngenkathi kuqhutshwa lobo budlelwano aziwona amathoyizi ukuthi kungadlaleka ngazo, uma into isisetshenzisiwe iphenduka ibe yisekeni unomphela ngoba ayisilo ithoyizi ukuthi kungadlalwa ngayo noma kufezwe izinkanuko ngayo. Izinga lokuxhaphaza abazali noNkulunkulu liya ngokuya likhulu kuze kube sengathi kusemthethweni ukuxhaphaza abantu abadala. Ngikhuluma nje kusikkhathi esikuso izingane ezincane zabafana nezamantombazane zizala mihla namalanga kusukela eminyakeni eyisishiyagalolunye kuya phezulu. Uma lezizingane zisuke zisesesikoleni noma la ziqeqeshelwa khona umsebenzi, Uma sezizele lezingane, zithatha izingane zazo zizinike onina bazo noma ogogo. Zihambe zona ziyofuna abafana namantombazane zizale ezinye, uma sezibuyile indle ezizisola ngazo kulelihlazo wukuthi zixhaphaze abazali bazo ngokuthi zihambe ziyozala ezinye futhi. Sekuze kwafika isikhathi la khona uma umama oshadile ekhulelwe ephakathi kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwamane izingane zimbabaze ngoba sezathatha ukuzala kwaba wokwazo khona zingashadile. Uma intombazane ithenjiswa izulu nomhlaba wumfana ethi uyayithanda ayimithise aphike ingane ajike ayale, kusuke kungeyona intombazane exhashaziwe wumfana , kodwa intombazane iyona esuke ixhaphaze abazali bayo, kuphela nje isuke ibona ucezwana kumfana yona ingazibeki cala , kodwa ibe inecala emhlabeni nasezulwini: emhlabeni kubazali bayo nasezulwini kuNkulunkulu okoniwe ithempeli lakhe, Ngoba noma angabe amashidi amahlophe athengwe wumzali wavula ilawu la owayehlele ukuthi kudilizwe ithempeli likaNkulunkulu khona, uma imigudu efanele ingalandelwanga nabazali banecala emhlabeni nasezulwini . Igama uThando aliyo into yokudla, kanjalo nethempeli likaNkulunkulu aliyiyo into yokudlala. Uma intomabazane ibhanqe umfana nabanye abafana isuke ingamxhaphazi lowmfana , kodwa uyena lowomfana osuke exhaphaza abazali bakhe kanye noNkulunkulu, akunandaba noma wasevelile noma wayengakaveli kubo kwayo, inqobo nje uma imigomo imibandela kanye nemigudu ingalandelwanga wumfana yintombazane, abazali bentombazane noma bomfana. Bonke abantu abazibandakanye ezindabeni zocansi ngaphandle komshado banecala lokubulala. Intombi kuthiwa iyintombi ngoba intombi isuke ingabulawanga, okuwukuthi, igazi layo lisuke lingachithiwe. Igazi linomphefumulo, umphefumulo uhlala egazini, ukuchitheka kwegazi kusho ukuphuma komphefumulo, umphefumulo uwumuntu. Ngokuba umphufumulo womzimba usegazini; … Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo linhlangene nomphefumulo wayo;…Ulevitikusi17:13-14 Umuntu wesifazane udalwe waba nempilo ephidwe kabili, okusho ukuthi ; kufike kube yintombazane le esikwaziyo ukuyibona ebese kuba yintombi le esingakwazi ukuyibona yona. Intombazane inegazi layo la kuhlala khona umphefumulo wayo ukuze iphile, kanjalo nentombi inegazi layo lakuhlala khona umphefumulo wayo ukuze iphile. Impilo yentombi ibucayi kakhulu kakhulu kunempilo yentombazane ngoba kuyenzeka intombazane ilimale yophe, kodwa ingafi, kodwa intombazane uma nje ike yalimala yopha iyafa. Intombi isentombazaneni. Lokho kusitshela ukuthi kungenzeka ukuthi intombazane ihambe isiyithuna noma isiphethe isidumbu sentombi efileyo ngaphakathi kwayo. Isikhathi esiningi intombi ibulawa yisenzo sokuzibandakanya ebudlelwaneni bocansi. Ayikho futhi indlela ephephile yokwenza ucansi ukuze intombi ingafi, ngoba noma angabe intombazane isebenzise ijazi noma ihlele umndeni ngaphambi kokuba ixhaphaze umzali wayo noNkulunkulu, kodwa intombi iyafa. Noma sekwenzekile yakhulelwa , yase ithi ukukhululwa bekungahleliwe, igazi elikhishwayo ngenkathi ihushula isisu, linomphefumulo, liwumuntu, lokho kusho ukubulala umuntu. uMdali wakho uthe : ‘ungabulali” Ngakho-ke uma useke walala noma wahushula, unezidumbu phansi osewazibulala., ungumbulali. Okuwukuthi uma intombazane iqhubeka nokuzibandakanya nezocansi, kusuke sekuyisenzo sokubulala into ivele isizifele. Lokho-ke kukuchaza njengombulali ongenanembeza (serial killer) Lokho-ke kusitshela ukuthi isinyathelo sokuzubandakanya kwezocansi kuyisinyathelo sokukhipha umphefumulo wentombi esentombazaneni. Uma intombazane ithatha intombi iyihambise kumfana ifike iyibambe iyibambele umfana , ebese umfana eyigwaza eyibulale, uma isimithi , umfana wayishiya nesisu, isuke ingaxhashazwanga, kodwa yiyona exhaphaze abazali bayo kanye noNkonkulunkulu. Noma angabe umfana ukuzalise izingane eziyishumi wase eshada nomunye akakuxhaphazi , kodwa wuwe oxhaphaza abazali bakho. Nakuba igazi lentombi kumele lichithwe, kodwa nakuba kunjalo alichithwa ngaphandle komshado. Kunemigudu okumele ilandelwe uma kuzochithwa igazi lentombi entombazaneni. Intombi ezobulawa kumele kube yile ekhethwe wuNkulunkulu wathi indoda ayishiye uyise nonina iyonamathela kuyo babe nyamanye. Abazali mabanikezelane ngezingane zabo ngosuku lomshado bashadiswe, ebese intombi nabanikazi bayo, ihambe iyofa yazi nabo bazi ukuthi isiyofa , kodwa isizophila isiyinyamanye nendoda yayo, ebese iphenduka umufi + azi= umfazi. Ibe wumfazi womkhwenyana wayo. Uma intombi isifile ayisadingeki kubazali bayo, ngoba sekungeyasemshadweni. Kodwa namhlanje sinabazali abahleli nezidumbu namathuna ezintombi. Wena ngoba usushade nomunye nje, kodwa kahle kahle unyamanye nalo owamchitha, noma owachithwa igazi wuye. Umshado owabantu abachithelwe igazi wuJesu, Umshado ungenye yezinkonzo eziwumfuziselo kaJesu neBandla. Kwafa uJesu kwazalwa iBANDLA. iBANDLA-ke noma lisemhlabeni ubuzwe bali yizulu. Uma ungayilandelanga imigudu efanele ukufika emshadweni, usilelwe ukuxhumana noJesu, usulelwe icala lakho lokuchitha igazi ungachithelwanga igazi wuJesu esiphambanweni. Inhloso yomshado ivela kuNkulunkulu, umshado uyinto engcwele. Noma abantu bangaba nezizathu zabo zokungena emishadweni , kodwa isizathu sokushada sivela kuNkulunkulu. Kukhona izinto ezenziwa abantu bezisusela emvelweni nasemizweni yabo, kodwa okuseqinisweni kuwukuthi lezozinto abazenzayo zasungungulwa wuNkulunkulu ngenhloso yakhe, okuwukuthi zisezwini likaNkulunkulu ukuthi zenziwe. Uma into isezwini kusobala ukuthi kumele yenziwengendlela echazwe ngayo ezwini likaNkulunkulu. Kodwa nakuba kunjalo abantu bayaqhubeka benze izinto ezivela ezwini likaNkulunkulu bezenza belawulwa yimvelo nemizwa yabo ngoba vele ayikho into ebavimbayo. Nakuba abantu bengenza izinto ezisezwini ngezizathu zabo, kodwa imiphumela yokwenza lezozinto ulawulwa yimvelo nemizwa ayifani nemiphumela etholakala uma umuntu enza lezozinto elandela isizathu esibekwe wuNkulunkulu. Izizathu zabantu zokushada: Abanye bashada ngoba bephoqwe abazali babo ukuthi bashade. Abanye bashada ngoba befuna umuntu uyobanakekela uma sebebadala noma sebegula. Abanye bashada ngoba banemali eningi. Abanye bashada ngoba bafuna ukuba negama ezweni. Abanye bashada ngoba bathi bafuna ukuvusa umuzi wabazali babo. Izizathu zikaNkulunkulu zokushada: Esinye sezizathu zikaNkulunkulu wukuthi kuzalwe izingane zikamoya, okuyinzalo engcwle. AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. UMalaki2:15 Zonke izinkonzo ezibekwe wuNkulunkulu ukuba zenziwe, kumele kuthi uma zenziwa kukhulekwe kuye yena ezenzelwa yena ukuze kwenzeke lokho okufunwa wuye ngaleyonkonzo. Okuwukuthi uma kuyokwenziwa inkonzo yasekamerweni , kumele kube nomkhuleko owenziwa yilabo abayoyenza emveni seliboshiwe ifindo likasofasilahlane phambi kwakhe uNkulunkulu, ibandla, umphakathi, kanye nabazali nomndeni. Isizathu ukuze kube nomphumela ofunwa wuNkulunkulu. Okuhlanganiswe wuNkulunkulu kunoMoya wakhe kukho, lokho-ke kwenza kube lula ukuzaleka kwecebo lakhe okuwukuthi inzalo kaMoya, engcwele nemukelekayo kuye. Umbuzo osalayo uthi-ke lenzalo ezalwe ngenxa yemizwa nemvelo inobani phakathi kwayo, ingekabani futhi ingenjani? Uma kuyena uNkulunkulu umnikazi wayo, ubani omunye ngaphandle komubi? Uma yena loyo engomubi uzala inzalo enjani? Zingaki izingane ezizalwe emveni kokuba umuntu elale nomunye ngenxa yokuthi uselawulwa umoya womubi omngenile ngenkathi ebuka izithombe wavukelwa imizwa? Zona lezo ngane ezizalwe kanjalo azizaliselene, futhi azizele yini kuyimanje? Lokho kusitshelani ngezingane zalesisikhathi? Ezikabani ? Zifeza inhloso kabana? Ubani ubaba wazo okwangena kwasebenza umoya wakhe ngenkathi zakhiwa? Kuleminyaka eminingi eyadlule kuke kwaba nobufakazi obabethulwa emisakazweni bethulwa abantu ababeyizikhonzi zikaSathane, bebeka ukuthi babengenwa yinyola ngaphakathi kwesibeletho , uma isingaphakathi ifike iphenduke ebese ikhanda layo ilibhekisa ngalapha eqhmuke ngakhona. Babethi uma beqhubeka nobufakazi babo bethi lokho kwakwenza ukuthi uma umuntu wesilisa owenza inkonzo nalo wesifazane acabange ukuthi ungena kuyena kanti ungena emlonyen wenyoka okwakwenza ukuthi azizwe enokuthokozela inkonzo kakhulu, babethi uma beqhubeka bethi; lokho kwakuhloswe ngakho ukuthi kudluliselwe umoya wokuba yisikhonzi sikaSathane, athi uma esewuthathile lo wesilisa abese ewudlulisela kwabanye akalala nabo. Uma kuwukuthi yayikhona into enjengaleyo , nanokuthi uma kuwukuthi isaqhubeka namanje, kusala umbuzo othi kazi izingane ezizalwa namhlanje ezikabani, nanokuthi kazi zenza msebenzi muni zibe ziwenzela bani? Kazi abantu abashade nabantu abanenyoka ngaphakathi kanti abalandelanga imigomo yenkonzo babona kanjani ukuthi bangaphansi kwalesosimo. Kazi laba okuthiwa abazitholi izingane yingoba bengazitholi ngempela yini noma ziyadliwa zithathwe kuyokhandwa izikhonzi zikaSathane ngaleyombewu? Lezingane ezizalwe hhayi ngentando yeNkosi , kodwa ngentando yomoya omubi, akuzona yini ezicwile ezidakamizweni, ezigcwele emajele, ? Akuzona yini esezisiyekile isikole, neseziphila ngemali etholakala ngayo leyondlela yomubi? Ayikho imizamo ezanyiwe ukuze kunqandeke lesosimo, uma ikhona ucabanga ukuthi leyomizamo yehlulekiswe yini? Lemishado eyakheke ngaphansi kwalesisimo , akuyona yini eyalaba asebahlukanisa, abanye babo asebahlukana ngokuthi babulalane ngezindle ezahlukene. Zingaki izingane esezahlula induku, zazalwa kanjani? Ziningi ezikaNkulunkulu izizathu kodwa asime kulesi okwanje.
Get documents about "